Owesilisa owadlwengulwa uthi wahlekwa abangani, bathi uyisitabane yini

2017-08-30 18:01

Cape Town – Owesilisa owaba yisisulu sokudlwengulwa wanquma ukungalivuli icala ngoba esaba ukuthi abantu angeke bamthathele phezulu.

USamkelo Mabaso (okungesilona igama lakhe langempela) wadlwengulwa umuntu angamazi eNelspruit, kodwa ngesikhathi exoxela abangani bakhe bavele bamhleka nokwenza wakhetha ukuthi avele angakubiki lokhu kudlwengulwa.

“Ngisabukhumbula lobo busuku obushaqisayo sengathi bekuyizolo,” kusho uMabaso, 26, owayehamba endleleni ebheke ekhaya ngezikhathi zabo-19:00. “Phambi kwami, kwakunabesifazane ababili kuthi ngemuva kwami kukhona owesilisa. Labo besifazane bajika ngase ngiyaqhubeka emgwaqeni ofanayo, lo wesilisa wabe esengilandela.

“Ngesikhathi sengizojikela ngakwesobunxele, le ndoda yashangishaya esiphundu. Ngavuka endlini engasahlali muntu.

"Lo muntu wayephezu kwami, wathatha 'induku' yakhe wabe eseyifaka phakathi emathangeni ami. Wabe esengiphendula ngendluzula, wangidlwengula,” kusho uMabaso.

OLUNYE UDABA: 'Wangidlwengula umkami'

Ngokusa okulandelayo, uMabaso wavula isifuba ngalolu daba kubangani bakhe ngoba wayedinga ukwesekelwa yibona kanye nokuthola izeluleko.

“Kodwa esikhundleni sokungiduduza, bangihleka,” kusho uMabaso. “Omunye wabangani bami wathi: ‘Ini, uyisitabane manje?’ Ngavele ngathi angisona isitabane, ngidlwenguliwe’. Kodwa ngaleso sikhathi ngangazi ukuthi ukudalula isigameko kanye nokuvula icala kuzoba ukumosha isikhathi ngoba uma abangani bami babecabanga ukuthi yihlaya, abanye abantu nabo kungenzeka bahlekise ngami."

Ngale kokwesekwa, ukuqonda kanye nezeluleko zabangani, uMabaso wanquma ukuvele azithulele bese ebhekana nalobu buhlungu ngokwakhe ngenxa yokwesabela ukwahlulelwa. Kodwa maduze wabona ukuthi udinga usizo wabe esekhuluma no-Andrew Langa, nongumshumayeli ebandleni.

“Ukudlwengulwa udaba olubucayi futhi olushaqisayo kumuntu. UMabaso wazama ukuvula isifuba kodwa ngemuva kokuhlekwa, wayeka ukudalula ukudlwengulwa futhi akakaze ayithole i-post-exposure prophylaxis eyayingamvikela kwi-HIV,” kusho uLanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.