Owesilisa ubhonye unina emfuna imali

2016-12-10 08:36

Durban - Usashaqekile owesifazane oneminyaka engu-62 ubudala waseMandlankala ngaseSikhaleni kulandela ukuthelwa ngesibhaxu yindodana yakhe nentombi yayo.

Lo mama igama lakhe ligodliwe uthi ugqenywe izingozi ekhanda eshaywa waze waquleka, wakhunyulwa wanqunu, kwabizwa umphakathi ukuthi uzombuka ngoba ubanjwe ethakatha.

Ngokuthola kwephephandaba iSolezwe ubefunwa imali ngesikhathi etalajwa kanzima.

OLUNYE UDABA: Uqalile umkhankaso we-16 Days of Activism

Ekhuluma nabephephendaba lo mama uthe: "Bengisendlini ngikhuluma nocingo ngensikhathi indodana yami ingena ingishaya ngehhala ekhanda, ithi iyifuna la imali yami."

Lo mama uthe esadidekile kube sekungene intombi yendodana nenduku yegalofu nayo yamukhwelela ngesibhaxu, imishaya ekhanda nasemzimbeni wonke.

"Angazi kwenzekeni ngemuva kwalokho njengoba ngavuka sengisesibhedlela.

"Indodana yami ibaleke nemali engu-R8 000 engiwuthola ngokudayisa izinkukhu kanti enye imakli uyithola ngokudayisa izimpahla esitolo sakhe."

Lo mama uthi useyayisaba indodana yakhe.

Namuhla kugoqwa umkhankaso we-we-16 Days of Activism for No Violence Against Women and Children.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.