Owesilisa uboshiwe ngokuqotha umndeni

2017-02-07 11:34

Buenos Aires – Amaphoyisa ase-Argentina abophe owesilisa osolwa ngokubulala umkakhe oyiphoyisa kanye namalungu amane omndeni.

Usolwa nangokudubula alimaze unkosikazi kamfowabo obekhulelwe, kwashona ingane ebisasesiswini.

Amaphoyisa athi uDiego Loscalzo,38, uboshwe ngoMsombuluko endaweni engamakhilomitha angu-700 ukusuka lapho kwenzeke khona isigameko, esifundazweni iBuenos Aires.

OLUNYE UDABA: Owesifazane ukhiyele izidumbu zezingane ezingu-6

Iziphathimandla zithi uLoscalzo nomkakhe, uRomina Maguna, babenengxabano ngeSonto ebusuku.

Kukholakala ukuthi uthathe isibhamu somkakhe wamdubula amahlandla amane, walandela ngodadewabo womkakhe, umfowabo nonina kanye nonkosikazi kamfowabo.

Umka mfowabo, obenezinyanga ezingu-9 ekhulelwe, usindile kodwa ingane yashona.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.