Owesilisa ubulale abangu-19 esikhungweni sabakhubazekile

2016-07-26 08:07

Sagamihara - Owesilisa owayesebenza esikhungweni sabantu abaphazamisekile emqondweni, ubulale abantu abangu19 walimaza abangu-25, eJapan, ngoLwesibili.

Lesi yisigameko sokuchitheka kwegazi esingakaze sibonakale esikhathini eside.

Le ndoda eneminyaka engu-26 ubudala ibe isizinikela emaphoyiseni, yavuma ukuthi yiyo eyenze lo monakalo.

OLUNYE UDABA: Ugasele esikoleni wagwaza 9 kwashona 3

"Bonke abantu abakhubazekile kumele sibenze banyamalale," kuthiwa umsolwa usho kanje etshela amaphoyisa.

Izikhulu zithe umhlaseli nguSatoshi Uematsu, kanti kuthiwa ubesebenza kulesi sikhungo esiseSagamihara, nokho waxoshwa kuso ngoFebhuwari.

Kuthiwa le ndoda itshele amaphoyisa ukuthi ibibambe igqubu lokuthi yaxoshwa emsebenzini.

Abashonile nabalimele banamanxeba "ajulile" okugwazwa entayeni, kusho udokotela wesinye sezibhedlela ebezelapha izisulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.