Owesilisa ubulale isigebengu walimaza ezimbili zizama ukumgebenga

2017-12-11 08:00

Johannesburg – Owesilisa eGoli udubule wabulala isigebengu esisodwa walimaza ezimbili ngesikhathi zizama ukumgebenga e-ATM ngase-Oriental Plaza.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Mavela Masondo uthe amaphoyisa avule icala lokugebenga kanti kwenziwa uphenyo ngokushona kowesilisa.

“Kuthiwa owesilisa ubekhipha imali ku-ATM ngesikhathi ehlaselwa amadoda amathathu,”kusho uMasondo.

“Lo mlisa ukhiphe isibhamu sakhe wadubula laba abasolwa ebulala oyedwa kanti laba ababili abalimele basesibhedlela futhi bagadwe ngamaphoyisa,” kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA: Izigebengu zaseMlazi zihlela 'ukugadla emaphoyiseni'

Kwesinye isigameko esenzeke eBramley, kudutshulwe kwabulawa owesilisa oneminyaka engu-54 ubudala emzini okule ndawo ngeSonto ekuseni.

UMasondo uthi bathole umbiko wokuthi amadoda amathathu agqekeze kulo muzi osemgwaqeni uKelvin ekuseni ngo-05h15 adubula owesilisa ngaphambi kokweba ubucwebe nomakhalekhukhwini.

Lokhu kwenzeka-nje kukhona unkosikazi kamufi kanye nesisebenzi, kodwa ngenhlanhla bona kabazange balimale.

Okhulumela abeNetcare911 uNick Dollman uthe babizelwe endaweni yesigameko bathola owesilisa enamanxeba ambalwa okudutshulwa.

“Lo mlisa ubelimele kabi kakhulu kanti ushonele endaweni yesigameko.

Amaphoyisa athi asaphenya ngalokhu kanti futhi asezithendeni zabasolwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.