Owesilisa 'ubulale' unina ngaphambi kokokhela umuzi wakubo ngomlilo

2017-05-24 19:29

Bulawayo - Indoda yaseMudzi okusolwa ukuthi iphazamisekile ngokomqondo isolwa ngokubulala unina ngokumgqema ngensimbi ngaphambi kokushisa umuzi wakubo.

UNorman Chari, 42, waseChiringa village kubikwa ukuthi uvele wanodlame ngemuva kokungayiphuzi imishanguzo yakhe izinsuku ezimbalwa.

Uboshwe ngemuva kokushaya umama wakhe oneminyaka engu-80 ubudala, uFabby Chakurumani, ngensimbi ngaphambi kokokhela umuzi wakubo ngomlilo.

Isigameko kubikwa ukuthi senzeke ngomhlaka-14 Ephreli.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ubulale umkakhe emsola ngokuba wumqwayizi

Ngokusho kwemithombo eyazibonela kwenzeka isigameko, umzala kaChari futhi ongumakhelwane wabo, uGrey Chari, wabona ilangabi elikhulu emzini womufi ngezithuba zabo-23:00 wagijima wayobheka ukuthi kuqhubekani.

Ngesikhathi efika wafica kusha wabe eseqalaza ukuthi kukhona bani ngaphakathi, wabe esebona umsolwa ehudula isidumbu sikanina, sasho ukuthi simbulale ngokumshaya ngensimbi.

UChari wabona uChakurumani enenkebenkebe yengozi ekhanda futhi opha kakhulu wabe esecela usizo komakhelwane, umsolwa wabanjwa.

UChakurumani waphuthunyiswa esibhedlea lapho ashonela khona ngosuku olulandelayo, kwase kubikelwa amaphoyisa aseKotwa ngodaba, umsolwa zamkhalela kanjalo.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                    


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.