Owesilisa ubulale unina wafihla isidumbu

2017-02-10 11:00

Bulawayo – Owesilisa, 24, waseZimbabwe kwaBulawayo endaweni yaseMganwini kubikwa ukuthi ushaye unina ngensimbi ngaphambi kokuba amgwaze afake isidumbu sakhe ngaphansi kombhede.

Ngokombiko wephephandaba iChronicle, uNelson Mwandisangudza kuthiwa ubulale unina uSiphiwe Mwandisangudza ngoLwesibili ekuseni ngaphambi kokuba abaleke. Ubesagcwele izinkalo namanje.

Isidumbu sikaSiphiwe sitholwe ngemuva kokufika kukababekazi kaNelson, uRudo Gwenzi, emini.

UGwenzi uthe ufonelwe uSiphiwe ngezithuba zabo-06:30 ekuseni ecela ukuba aphuthume kuyena ngokushesha kunento afuna bayidingide.

Kodwa kuthe uma efika emini, uGwenzi wasola ukuthi kukhona okungahambi kahle ngesikhathi ebona igazi ezindongeni.

OLUNYE UDABA: Uzame ukuzibulala indodana yakhe ifuna ukushadelwa umgwayizi

"Ngimemeze igama lakhe ngesikhathi ngingqongqoza emnyango kodwa wangaphendula. Umnyango ubungakhiyiwe ngabe sengivula ngingena ngaphakathi.

"Ngibe sengibona igazi ngisanda kuvula nje isicabha…Ngibenokwesaba, ngangabe ngisakwazi ukuqhubeka nokungena endlini,” kusho uGwenzi.

Yena kanye nomakhelwane baSiphiwe babikele amaphoyisa, afike ahlola endlini abe esethola isidumbu sikaSiphiwe ngaphansi kombhede.

Bekugcwele igazi ekamelweni.

Imbangela yokubulala ibingakaziwa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.