Owesilisa ubulawele embhedeni kamakhwapheni wakhe

2016-08-05 11:34

Johannesburg - UMmuzi Nkosi wayegaxene nomakhwapheni wakhe ngoMgqibelo ebusuku kodwa lezi zithandani zakhohlwa ukukhiya umnyango gwiqiqi kwase kuvele kubakhona umuntu wesithathu embhedeni, uNkosi wagwazwa.

Akuphelanga mizuzu emingaphi wase eshona.

OLUNYE UDABA: Uzibulele ogilwe umakhwapheni wakhe

Ngesikhathi uNkosi, 32, ebulawa inkosikazi yakhe, uSibongile Mabanga, 28, yayilele yodwa emzini wabo oseTwatwa eKurhuleni ingakwazi okwakuqhubeka.

Ngesikhathi izihlobo zifika kuMabanga zimhambisa emzini kamakhwapheni akakwazanga ukuzibamba. Uvele wakhihla isililo esebona isidumbu somyeni wakhe sinamanxeba okugwazwa emqaleni nasemzimbeni.

Izakhamuzi zasesigcemeni saseMandela lapho okuhlala khona umakhwapheni zikholwa wukuthi umakhwapheni uazi ukuthi ubulaweleni uNkosi.

Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseTwatwa kanti amaphoyisa athungatha umsolwa, kubika iDali Sun.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.