Durban - Akuqondakali kahle ukuthi bahilizisane kanjani laba bashayeli njengoba kubonakale i-video yowesilisa ededela iqupha kumshayeli wetekisi.
Uthe ezama ukubaleka umshayeli ngokuphuma ngesicabha sakwesobunxele, le ndoda yamvimba yase imudla ngequpha.
Lokhu kwenzeke ngasenyuvesi i-DUT, ezimpambanweni zomgwaqo uKing Dinizulu kanye noBotanic Gardens, eThekwini.
Abantu bebemile emgwaqeni bebukele kungekho noyedwa ozama ukulamula, kubika iTimeslive.
Buka okwenzekile: