Owesilisa udubule owesifazane wase ezibulala eMall

2017-08-28 18:01

Durban - Amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokuzama ukubulala kulandela isigameko sokudubula esenzeke esitolo esidayisa izimpahla zokugqoka eHammarsdale Junction, ngoMgqibelo wangomhlaka-26 Agasti ngezithuba zabo-09:15.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala, uthe kudutshulwe kwalimala owesifazane, 21, edutshulwa umsolwa ongaziwa naye obe esezidubula washona.

Imbangela yesigameko ayicaci okwamanje kanti amaphoyisa ayaphenya.

OLUNYE UDABA:Isoka lidubule intombi ngenxa yotshwala

UNick Dollman weNetcare 911, uthe abosizo lokuqala babikelwe ngesigameko sokudubula esenzeke esitolo esidayisa izimpahla zokugqoka enxanxatheleni yezitolo eseHammarsdale.

Uthi baphuthuma endaweni yesigameko kanjalo namaphoyisa nabanye bezimo eziphuthumayo.

"Imibiko evela endaweni yesigameko iveza ukuthi kudutshulwe owesifazane amahlandla amaningana. Amanxeba akhe abucayi kanti uxilongwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.," kusho uDollman.

Uqhube ngokuthi indoda eneminyaka ebalelwa kweko-20 ubudala ishonele khona endaweni yesigameko.

 - Highwaymail

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.