Owesilisa udutshulwe wabulawa emngcwabeni kamfowabo

2018-02-19 12:35

Cape Town - Owesilisa udutshulwe wabulawa ngesikhathi ehambele umngcwabo kamfowabo eKraaifontein, ngaphandle kwaseKapa, ngoMgqibelo, kubika iDaily Voice.

Abantu abebeze emngcwabeni babaleke bayocasha ngesikhathi kuqhuma izibhamu esontweni i-Assembly of God Church, eScottsville.

Abazibonele ngawabo bathi uClint Lesch, 30, ubephuma esontweni esengena emotweni yakhe ngesikhathi kufika ushayasibhamu ongaziwa wamhlasela ngentululwane yenhlamvu.

ULesch uphuthunyiswe esibhedlela nokuyilapho afike washonela khona.

Omunye ufakazi wesifazane obekhona emngcwabeni uthi uLesch ubenamasonto amabili ephumile ejele kanti kuzobulawa umfowabo odlameni lwamaqembu ezigelekeqe.

"Besekusele yena yedwa," kusho lo wesifazane ongafunanga ukuba igama lakhe lidalulwe.

Uthi akazi ukuthi oshayasibhamu laba baqhamuke ngakuphi kodwa bezwe sekukhala inganono.

OLUNYE UDABA:Kuzoqiniswa ezokuphepha kuqulwa elokubulala eMarikana

"Ubehleli emotweni yomndeni futhi nabantu besebephuma esontweni ngesikhathi ehlaselwa. UClint ubeyingxenye yeqembu lemigulukudu kanti nabanye abafowabo abathathu babulawa kulo lolu dlame lwamaqembu ezigelekeqe," kuqhubeka lo wesifazane.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Noloyiso Rwexana usiqinisekisile lesi sigameko.

"Kuvulwe icala lokubulala kanti amaphoyisa aphenya ngesigameko sokudubula esenzeke ngoMgqibelo. Akukaboshwa muntu okwamanje," kusho yena.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.