Johanneburg - Amaphoyisa athungatha abasolwa ababili ngemuva kokudutshulwa kubulawe umnikazi wenkampani onogada eMusina, eLimpopo.
Kuzwakale ukuthi umufi oneminyaka engu-43 ubudala, uJimmy Chuene ubenowesifazane ngesikhathi abasolwa abakhuluma isiShona befika bemdubula.
Lo wesifazane akazange alimale, kubika iReview Online.
OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa ngokubulala ummeli odumile eKapa
Isigameko senzeke eMusina EXT 12 kanti isibhamu sesisulu, iselula neselula yomngani waso bekungekho endaweni yesigameko.
UBrigadier Motlafela Mojapelo uthe uChuene ubeme phambi kwemoto yakhe ngesikhathi ehlaselwa.
"Intombi igijime yangena emotweni ngemuva kwesigameko kodwa ayilimalanga," kusho uMojapelo.
UMojapelo unxuse ukuba onolwazi ngesigameko abikele amaphoyisa aseduzane.
- The Citizen
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter