Owesilisa ugetshengwe uR26k esanda kuwukhipha ebhange

2018-01-22 16:11

eMpumalanga -  Amaphoyisa amaphenya amacala amathathu okugebgenga kuhlonyiwe enzeke ngasonto eledlule.

Ezigamekweni ezimbili, owesimame nowesilisa babanjwe inkunzi isamba semali eningi, kubika iphephandaba iWitbank News.

Isigameko sokuqala senzeka ngoLwesine ntambama lapho owesimame wagetshengwa imali engango-R30 000. Lo wesimame wathengisa imoto yakhe ngayo lemali.

Umlisa owathenga le moto wakhipha imali ebhange wayinika lo wesimame. Yena wayithatha le mali wayifaka ngaphansi kwesihlalo esiseceleni komshayeli.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe owesifazane,45, ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

Wahamba nomshayeli wakhe bayogciviza amakhophi abebewaphethe.

Ngesikhathi behamba, kwaqhamuka abasolwa abebezivale ubuso bavula iminyango babakhomba ngezibhamu bafuna imali kanye nomakhalekhukhwini.

Yize lo wesimame ebatshele ukuthi abanamali, umsolwa oyedwa uvele wangena ngemuva wakhipha imali ngaphansi kwesihlalo wase eyabaleka.

Kuthiwa abasolwa babaleke ngemoto yohlobo lweMercedes Benz emhlophe.

Kwesinye isigameko esenzeka ngoLwesihlanu, owesilisa oneminyaka engu-37 uthi wagetshengwa imali engango-R26 000 egetshwanga ngamadoda abephethe izibhamu.

Uthi lokhu kwenzeka esanda kuyikhipha imali ehamba nomngani wakhe edolobheni.

Uthi ngesikhathi beqeda kupaka iFord Focus abebehamba ngayo, kwaqhamuka iMercedes Benz emhlophe yama phambi kwabo kwadilika amadoda amathathu ehlomile.

Abasolwa bavele bamkhipha imali ephaketheni lakhe lakwesokunxele ebhulukweni ngaphambi kokuba babaleke.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.