Owesilisa ugixabezwe engu-140 ejele ngawokubulala nokudlwengula

2016-08-05 12:30

Johannesburg - Umshayeli wetekisi waseLesotho owadubula wabulala amadoda amabili ayezama ukumnqanda ekudlwenguleni owesifazane ugwetshwe ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseGauteng.

Le ndoda ugwetshwe iminyaka engu-140 ibhadle ejele.

UWilliam Mohlabane, 31, uvume amacala angu-7 okudlwengula, amabili okubulla namacala okuzama ukubulala, ukuthumba, ukushaya nokuphanga.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owesifazane owadlwengula umfana e-KZN

UMohlabane uvume ukuthi ngoFebhuwari ngonyaka ophelile yena nomngani wakhe balandela owesifazane besuka ethaveni eseduzane naseBenoni, wase exosha umngani wakhe wahudulela lo wesifazane esikhotheni la amdlwengula khona izikhawu ezimbili.

Umngani wafaka ibhodlela likabhiya emlonyeni walo wesifazane ukuze engeke akwazi ukumemeza uMohlabane yena wamshaya ebusweni ngoba wayebhilida. Uphinde wathi babeophuzile futhi bebheme nensangu.

Kwaphela izinyanga ezimbili uMohlabane nabangani bakhe bephuza bebhema insangu ubusuku bonke babona iqembu labesifazane elaliphuma ethaveni bahosha oyedwa bamfaka esikhotheni baqale bamubamba inkunzi base beshintshana ngokumdlwengula.

Ngesikhathi uPotega Kgatla noSimon Zitha ababelandela ngemuva bazama ukuhlenga lo wesifazane, uMohlabane wabe esekhipha isbhamu sakhe esingekho emthethweni wabadubula bobnabili ebusweni bashonela endaweni yesigameko. UMohlabane waphinde wadubula enye indoda uFanyana Thwala owakwazi ukubaleka. Isisulu sabaleka naso ngesikhathi ababezomsiza sebebulewe wayocahs ehlathini waze waphuma sekuphephile.

Ibamba leJaji uMs Makamu ugwebe uMohlabane iminyaka engu-224 ebhadle ejele azoyidonsa iminyaka engu-140. Kutholake ukuthi uMohlabane uyaqala ukutholakala enecala ubesejele ngesikhathi kusalindwe ukuqulwa kwecala kanti futhi wayecwile ezinkambini zikaFaro futhi ebhemile ngesikhathi sesigameko,kubika iThe Citizen.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.