Owesilisa uhlasele wagwaza abantu abahlanu ngemizuzu engu-30

2017-02-17 09:30

Bulawayo – Uvelile owesilisa owahlasela wagwaza abantu abahlanu ngemizuzu engu-30 waphinde wagebenga abanye ababili.

Ngokwemibiko yephephandaba i-Chronicle, uManelisi Msipa uvele phambi kweMantshi yakwaBulawayo evuvukele ubuso ngenxa yokushaywa yiqulu labantu.

Lo mlisa akabuzwanga ukuthi uyawavuma noma uyawaphika yini amacala okuzama ukubulala, awokugebenga kanye nawokuhlasela.

Ngokwemibiko evela enkantolo uMsipa wahlasela abantu abathathu endaweni yaseMakokoba wabuye wahlasela abanye ababili ngasegaraji lakwa-Engen kumgwawo uLuveve.

OLUNYE UDABA:Owesilisa ugwaze umalume oyinkathazo

Lokhu kwenzeka ngomhlaka 11 kuFebhruwari kanti isisulu esisodwa, uTichaona Masiriri, sithi umsolwa wasihlasela ngemuva kokucasulwa wukuthi wamcela umentshisi wathi akanawo.

uthi lo msolwa wamhlasela ngemuva kokumcela umeshisi, wacasuka ngesikhathi emtshela ukuthi akanawo.

Umsolwa wakhipha ummese wagwaza uMasiriri odebeni olungaphezulu wase emthathela umakhalekhukhwini kanye nemali.

U-Imbarashe Sibande yena ubehamba kule ndawo ngesikhathi ezithela phezu komsolwa egebenga uMasiriri.

USibande uthuke wamemeza kanti kuzozwa uBeret Sibanda bobabili nabo bahlaselwa wumsolwa ngesikhathi bezama ukulwa naye.

Umsolwa uphunyuke kulaba wazithela kwisisulu sakhe sesine uRoshid Polongani obelinde ukugibela izithuthi zomphakathi ngasegaraji.

Umsolwa uthathe umakhalekhukhwini kaPolongani oyi-Samsung S7 kanye nemali. Ngesikhathi ememeza efuna usizo, kufike uMaphios Hama ophuthume kule ndawo ezolekelela kanti naye uzothelwa amachaphazela wagwazeka.

Inkantolo ilihlehlisile leli cala kanti umsolwa uzogqunywa ezitokisini aze avele futhi ngomhlaka 28 kwephezulu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.