Owesilisa ukhala ngabambiza ngesitabane esiqwayizayo

2017-10-19 19:31

Cape Town - UPrince Mwibu, 43, uthi usekhathele abantu abambiza ngesitabane esiqwayizayo ngoba yena unentombi kanye nengane abahlala eWallacedene, eKraaifontein.

Uthi yonke indawo lapho ahamba khona; emarenki, emathaveni nakwezinye izindawo, abantu bavele bazibonele isitabane lapha kuye.

“Anginanxa nezitabane, kodwa ngiyakwenyanya ukubizwa ngento engingeyona,” kusho yena.

UPrince uthi uze wacela abe-Daily Sun ukuba babhale ngalolu daba lwakhe.

“Ngifuna leli phephandaba lingisize lazise bonke abantu ukuthi nginomndeni engiwuthandayo, angisona isitabane esiqwayizayo,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE:UZodwa Wabantu uthi akasiso isitabane kodwa akajoli namuntu

UPrince usebenza ngokwakha ifenisha kanti uthi lezi zinkulumo zimuphilisa kabuhlungu.

“Abashayeli bamatekisi yibona abangonela usuku zonke izinsuku njalo ekuseni ngoba bangibiza ngosisi noma bathi ngiyisitabane njalo uma ngiyogibela,” kuqhubeka yena.

Uthi lokhu kwaqala ngo-2015 ngesikhathi efika kuleli.

Uthi wayethanda ukuzihlalela yedwa engaxhumani namanye amadoda futhi engahambi nanentombi uma esemathaveni.

Uthi abangani bakhe ababenokumhambisa kulezi zindawo nokuyilapho umastende wakhe kanye nomakhelwane baqala la mahlebezi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.