Owesilisa ukhala ngabasekhweni abangafuni akhulise izingane zakhe

2017-08-01 19:29

Johannesburg – Owesilisa ngoLwesibili uqale uhambo lwamakhilomitha ayikhulu, esuka eMpumalanga elibangise ePitoli, ngenhloso yokulwela ukuhlala nezingane zakhe ukuze ezozikhulisela zona.

Lo baba uthi uyakwazi ukuzikhulisela izingane zakhe ezimbili, kepha abasekhweni bayamvimba ukuba enze lo msebenzi njengoba bamphuca zingane.

“Angikho sebhizinisini lokuthekelisa ngesidoda, ngifuna ukukhulisa izingane zami njengokuziletha kwami emhlabeni. Ngiyanqaba nje impela ukuthi izingane zami zingakhuleli phambi kwamehlo ami.

“Igxathu ngalinye lizobe limele umkhuleko wami wokuthi ngibuyiselwe izingane zami njengoba sekuyimina kuphela umzali ezisele naye. Ngikhathele manje, kepha ngeke ngililahle ithemba ngenxa yezingane zami,” esho.

OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo umama osolwa ngokubulala izingane ezine

Uthi inkinga yaqala ngesikhathi umkakhe ehlatshwa ukugula kulandela ukuvelelwa yingozi yemoto ngoFebhuwari. Uthi wabe esazisa abasekhweni wase ebuyiselwa kubo unkosikazi.

Uthi abasekhweni bamsola ngokufihla ukugula kwendodakazi yabo bamnqabela nokuthi angcwabe unkosikazi wakhe.

Uthi izingane akaze azibone solokhu kwashona umama wazo.

Icala lokuthi abuyiselwe izingane zakhe liyaqhubeka eNkantolo yeziNgane ehlezi eNkantolo yeMantshi yasePitoli.

Abasekhweni lakhe abazange batholakale ukuba baphawule. Lezi zingane zineminyaka eyisishiyagalolunye nemihlanu ubudala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.