Owesilisa ukhwelela unkosikazi ngesibhaxu ngoba efunde kakhulu kunaye

2016-08-02 19:04

Harare - Indoda eneminyaka engu-61 ubudala ivele enkantolo yaseHarare ngokuhlukumeza umkayo ngoba efunde kakhulu kunayo.

ULoveness Rambakuzibwa usolwa ngokushaya unkosikazi wakhe uBarbra Mahlunge ngokubaneziqu ezingcono kunezakhe.

UMahlunge obefuna incwadi yokuzivikela kuRambakuzibwa ngokumhlasela njalo uma ebuya entombini yakhe utshele imatshi ukuthi sebeneminyaka engu-21 ishadile kanti namanje uRambakuzibwa usayindoda enodlame.

OLUNYE UDABA: Kwamubhedela owaphendula ucingo lweshende phambi kwenkosikazi

"Angikaze ngibike ngokuhlukunyezwa ngaphambilini ngoba ngangithi njengoba sikhula izoshintsha indle aaziphatha ngayo kodwa ngathi kuya ngokuqina," kusho uMahlunge eqhuba ngokuthi "Ungikhahlela njalo kanti kamuva nje ngisanda kuphuka umlenze."

UMahlunge utshele inkantolo ukuthi uRambakuzibwa wabakleka emzini wabo wamshiya engenamali yokuziphilisa.

UMahlunge uphinde wathi enkantolo uke wamshaya 'ngedonkipiri'  emshaya izandla waphinde washisa zonke izitifiketi nezincwadi zobudokotela. Umahlunge wathi futhi umyeni wakhe wathatha yonke impahla wayisa entombini yakhe la asehlala khona manje.

"Uma ephumile njalo ebusuku ubuya nezifo ekhaya kanti usewake wangithelela ngesifo socansi futhi akakze azikhokhele izindleko zakwadokotela  engazisebenzisa," usho njalo.

URambakuzibwa uziphikile izinsolo abekwa zona wathi uMahlunge ungumuntu ofundile okhohlakele obezama ukumbulala ukuze ezothola amafa endlu eseMasvingo. Waphinde wathi uMahlunge wagula ngoba ngoba waphuphumelwa yisiu.

URambakuzibwa ubesevele ebhale amagama akhe kwitayitela.

Imantshi ivune uMahlunge ngencwadi wase eyala uRambakuzibwa ukuba ayeke ukuhlukumeza inkosikazi wakhe, kubika iBulawayo24.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.