Owesilisa ulandisa ngokuhlaselwa abantu abebezenza omakhi

2017-01-20 14:32

Durban – Owesilisa waseWestville ubika ngokuhlukumezeka kwakhe amahora amabili ezandleni zamadoda abezenza abantu abasebenza ukufaka ama-tiles.

“Bangenzakalisa,” kusho le ndoda ecele ukuba igama layo ligodlwe etshela abephephandaba iMercury.

Le ndoda ithi imatasa ngokulungisa umuzi wayo, indoda eyayisebenzisana nayo yafika namadoda amaningi bezosebenza ngoMsombuluko.

“Ngabona bebaningi kakhulu, inhliziyo yami yayithi ngingabavuleli isango, kodwa ngacabanga ukuthi bayingxenye yabantu abasebenzayo futhi umsebenzi uzosheshe uphele.”

Uthi laba bantu basebenza kwaze kwahlwa. Ngo-01:30 ezintatha wamangala ngesikhathi amadoda amabili kulawa ayefaka ama-tiles emhlasela.

Wathi esabheke lokho, kwavele kwamcacela ukuthi wonke la madoda ayizigebengu ngesikhathi evele ehosha izibhamu.

OLUNYE UDABA:Izigebengu zishaye zabulala umnikazi womuzi zizophanga

Uthi la madoda abe esethatha konke akufunayo.

“Bathatha omakhalekhukhwini, imali, ama-laptops kanye nobucwebe, kodwa futhi baphinde bafuna okunye.

“Ngithe ngibatshela ukuthi akusekho lutho bangishaya bangigcoba ngopelepele emzimbeni.”

Le ndoda ithi lezi zigebengu azigcinanga lapho ngoba zamshokha ngogesi, zamshaya ngapha eshiswa wupelepele umzimba wonke.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.