Owesilisa ulimale kabi kuphahlazeka ibhanoyi elincane

2017-09-23 14:17

Magaliesburg – Owesilisa oneminyaka engu-46 ubudala ulimale kabi kuphahlazeka indiza encane e-Orient Hills eMagaliesburg ngoMgqibelo ekuseni.

Okhulumela iNetcare911 uNick Dollman uthe ingozi yenzeke ngezithuba zabo-07:37 ngoMgqibelo.

UDollman uthe imibiko yasendaweni yesigameko ithi owesilisa ubezama ukuhlalisa phansi indiza ngesikhathi kwenzeka ingozi.

OLUNYE UDABA: Abafundi bangeniswe esibhedlela ngenxa yamakhekhe 'anobuthi'

UDollman uthe ngenxa yokuthi ubelimele kakhulu, kudingeke abeNetcare 911 bamputhumise esibhedlela ngendiza enophephela emhlane.

Ingozi ibikiwe kwiCivil Aviation Authority.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.