Owesilisa umbe ithuna likanina, wakhipha amathambo

2018-03-06 19:30

Johannesburg - Amaphoyisa athole amathambo aphelele omuntu emzini wendoda eLimpopo.

Amaphoyisa ayaphenya ngokumbiwa kwethuna kulandela ukutholakala kwamathambo omuntu endlini yowesilisa.

Okhulumela amaphoyisa uLt-Colonel Moatshe Ngoepe ngoLwesibili uthe amaphoyisa aseLebowakgomo ngaphandle kwasePolokwane abophe owesilisa ngecala lokumba ithuna eDithabaneng endaweni yaseGa-Mphahlele.

"Kuthiwa umsolwa waya emathuneni ngoDisemba 2017, wamba elikanina,” esho. Unina wayengcwatshwe ngo-2001.

OLUNYE UDABA: Ulahlwe yicala owesifazane owabulala, wanquma isaguga

Waqhubeka nokulimba ithuna waze wakhipha amathambo ngoJanuwary 2018, waya nawo ekhaya.

NgoMsombuluko, umhlaka-5 Mashi, uNgoepe uthe amalungu omphakathi ambone lo wesilisa ehamba ephethe amathambo endaweni, kwabizwa amaphoyisa ngokushesha.

Kuthe uma efika, amaphoyisa athola amathambo omuntu endlini, wabe eseboshwa umsolwa, kusho uNgoepe.

Amaphoyisa athi aphinde athola inqwaba yamathambo emfuyo endlini yakhe, athola nokuthi le ndoda ibihamba nogebhezi lwekhanda likanina njalo uma iya ezitolo noma ebhange.

Kuthiwa ibikholelwa ukuthi izovikeleka kubo bonke ubungozi.

Umsolwa uzovela eNkantolo kaMantshi eLebowakgomo maduzane.

- Sowetan Live

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.