Owesilisa unqabile ukuphawula ngesimo sikankosikazi owalunywa yizinja

2017-07-22 10:17

Johannesburg - Umyeni wowesifazane owahlaselwa yizinja zakhe zohlobo lwe-pit bull ngeSonto langomhlaka-16 Julayi, unqabile ukuphawula ngesimo sikankosikazi wakhe, kubika iRoodepoort Record.

Ngesikhathi abezindaba beshayela le ndoda ucingo bebuza isimo sikankosikazi , ivele yabhoka ngolaka.

Yalokhu ibuze njalo ukuthi bayithole kuphi inombolo yayo yocingo, yabe isimemeza ithi "akuhlangene nabo lokho" ngaphambi kokuvala ucingo.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Indoda iklinye inja yayo yayibulala eGoli

Umakhelwane wayo, uLorraine Brown, waphoqeleka ukuba azidubule zombili izinja ngemuva kokuluma lo wesifazane.

Wahlohla isibhamu emlomeni wenye walezi zinja ngaphambi kokuziquthuza ngenhlamvu zombili, naye eselimele ngemuva kokuthi zimlumile.

Inja yesibili wayidubula ngesikhathi esebona ukuthi isiyoluma lo wesifazane ebusweni. Ngaleso sikhathi wayesephelile ukulimala esifubeni nasengalweni.

UBrown wathola ukwelashwa emtholampilo kwathi umakhelwane wakhe wangeniswa esibhedlela. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.