Owesilisa uphoqeleke ukuba ahlale phezu komchamo ebhanoyini

2017-08-21 14:01

Johannesburg - Usomabhizinisi okhokhe u-R20 000 ukugibela ibhanoyi kade esuka e-UK elibangise eNingizimu Afrika uze wafika kuleli ehlezi phezu komchamo.

NgeSonto amaphephandaba amaningi ase-UK abhale udaba luka-Andrew Wilkinson ongasizakalanga ngesikhathi ekhala ngomchamo obusesihlalweni sakhe ebhanoyini.

Ngokombiko weMail Online‚ owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala ugibele ibhanoyi leBritish Airways elibhekise eKapa eyovakashela umndeni wakhe.

Kubikwa ukuthi uhlaliswe esihlalweni obekuchamele kusona omunye umuntu obegibele ebhanoyini ngaphambilini.

OLUNYE UDABA: Kuqaliswe uphenyo ngokushona kwabantu abang-23 kweyesitimela

Ngemuva kokuthola isihlalo sakhe kwi-economy class‚ ubone simanzi. UMnu Wilkinson‚ waseSouth-London‚ uthi: "Ngibize isisebenzi sasebhanoyini esivumile ukuthi ngempela bekuwumchamo.

“Siye endlini encane sabuya sesiphethe okokwesula sifuna ukuba ngizisulele mina.

"Ngisitshelile ukuthi ngeke ngikwazi ukuqhubeka nokuhlala lapha kodwa savele sangihleka. Singitshele ukuthi siyabona ukuthi ngizosisebenzisa kanzima,” kufundeka udaba.

UWilkinson ube esebeka uplastiki esihlalweni kanye nengubo yokulala ukuze engeke amate.

ITimesLIVE ithi uWilkinson akahlaliswanga kwesinye isihlalo ngenxa yokuthi ibhanoyi beseligcwele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.