Owesilisa ushaye indodakazi yakhe ngoba ingeyona umfana

2018-03-25 11:04

eMelika - Uzovela enkantolo ubaba obhekene necala lokushaya indodakazi yakhe enezinyanga ezintathu waze wayiphula izimbambo futhi yalimala kabi ingqondo.

Lokhu kuthiwa ukwenze ngoba efuna ingane yomfana.

Ngokubika kwephephandaba i-The Mirror, uJason Bittner, 33, waseCincinnati e-Ohio washaya indodakazi yakhe encane u-Aimee ngoFebhruwari yaze yangeniswa esibhedlela.

Umkakhe uCasey uyena ophuthumisa ingane esibhedlela wathi kube yingozi kodwa abasebenzi bezempilo kabazange bamkholwe babiza amaphoyisa.

UBittner ongudokotela waboshwa ngemuva kwezinsuku ezimbalwa esemsebenzini ngecala lokushaya nokubeka impilo yezingane engcupheni.

OLUNYE UDABA:Igwetshiwe indoda yaseThekwini eyabulala owayeyingoduso

Umshushisi kuleli cala uDavid Fornshell utshele abeFox 19 ukuthi: ‘Lendoda ibinenzondo ngoba le ngane iyintombazane futhi engakwazi ukubekezelela ukuthi yiahlupha.

"UDkt Bittner usebenza ngezempilo ngakhoke iyilungu lomphakathi elihloniphekile futhi ubamba neqhaza esontweni, abantu bacabanga ukuthi umuntu ofana naye akakwazi ukuhlukumeza izingane noma ukuba nodlame lwasekhaya olufana nalolu."

Lo msolwa kulindeleke ukuba abuye avele enkantolo ngesonto elizayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.