Owesilisa uthi indlala emenze weba ibhoksi lamanantshi

2017-02-18 18:04

Bulawayo - Kube nezinxushunxushu enkampanini, iCitri Fresh eseMuvrwi, eMashinaland ngesikhathi omunye wabasebenzi esolwa ngokweba ibhokisi lamanantshi ngenxa yendlala.

Ofakazi bathi umsolwa, uBemase Machokoto, 22, wathatha ibhokisi lamanantshi waliphosa ngale kothango lwenkampani ngoLwesihlanu ebusuku, enganakile ukuthi kunonogada abamubhekile.

OLUNYE UDABA: Indlala ibulale izingane ezine

UMachokoto uboshwe ngemuva kokulicosha ibhokisi lezithelo, la abelifihle khona.

Umsolwa esezikhulumela uthe yindlala emenze ukuthi antshontshele obasi bakhe futhi nabo bazomuzwisisa kangcono.

"Abaphathi bami bazongizwisisa kangcono ngoba impilo inzima ngaphandle, ngithatha leli bhokisi lamanantshi ngoba ngibulawa yindlala," usho njalo.

Amacala okweba endaweni yaseMvuwrwini ayanda, abantu balokhu bethelekile eziteshini zamaphoyisa beyobika amacala okwebelwa.

 - Bulawayo24

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.