Owesilisa uthi ufuna ukushada notokoloshe wakhe oyi-yellow bone

2016-07-16 10:00

Johannesburg -  Umndeni wendoda eneminyaka engu-30 ubudala yaseWestbury eGoli ukhala ngokubiza kwamanzi njengoba ihlala isikhathi eside igeza zonke isinsuku.

USharaz Alli utshele abeDaily Sun ukuthi uhhlezi ejoyinwa ngutokoloshe wesifazane omile kahle futhi oyi-yellow bone uma egeza.

"Angikwazi ukumziba, uyi-yellow bone futhi upakishile. Ngifisa ukumthatha ngiye naye enxanxathela yezitolo abukwe amanye amadoda."

OLUNYE UDABA: Ngiyakukhumbula kusho utokoloshe odansayo

U-Alli uthi kungcobo ukube uyakwazi ukumngenisa ekamelweni lakhe noma ema-mall kanti futhi ufuna nokuwushada lo tokoloshe asebenawo isikhathi esingangonyaka.

"Ekuqaleni nganisaba kodwa ngase ngibona ukuthi ungilethele injabulo empilweni yami," usho njalo emamatheka.

"Ungenza izinto ezimangazayo, sizitike ngocansi ethoyilethi. Uphinde ungiculele amaculo othando esiwathokozela sobabili," usho njalo.

U-Alli uthi lo tokoloshe opakishile ufika njalo ethoyilethi uma esekhumula, ufika ugqoke isiketi esincane. 

"Anginayo intombi kanti lo tokoloshe uyisibusiso kumina.

"Akangifuni imali kanti futhi ngiyakuthanda ukuhlala naye. Ngiyamthanda kanti futhi ngikholwa wukuthi nawo uyangithandA, yingakho ulokhu ungivakashela."

Isangoma uSiphiwo Nguwo eGoli uthe u-Alli udinga ukubonana nesangoma esinamandla esizomsiza sixoshe lo tokoloshe.

"Lo tokoloshe ungase umlethele amashwa, angaphinde azithole enentombi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.