Owesilisa uthi wadliswa izidakamizwa wadlwengulwa

2017-06-14 09:32

Cape Town – Oklebe sebethumele abaphenya ngokushushumbiswa kwabantu eMpumalanga ngemuva kokuba owesilisa waseFree State evuke esibhedlela nodaba olushaqisayo.

Owesilisa ulandise ngokudliswa kwakhe izidakamizwa, wadlwengulwa ngemuva kokuba bethenjiswe isikhala esikoleni sezempilo.

''Yonke le mininingwane ibingakaqinisekiswa okwamanje, kodwa sesithumele ithimba labaphenya ngokushushumbiswa kwabantu ukuba liyobheka elingasiza ngakho,” kusho okhulumela oKlebe uBrigadier Hangwani Mulaudzi.

“Lolu daba okwamanje lusesezingeni lamaphoyisa esiteshini, kodwa abaphenya ngokushushumbiswa kwabantu sebecele ukusiza uma kunesidingo. Asifuni ukulinda ngoba lolu daba lubucayi kakhulu,” kusho uMulaudzi.

Lokhu kungemuva kokuba amaphoyisa aseBushbuckridge evule icala lokuthumba, ukudlwengula nelokushaya, ngalokho akutshelwe ngowesilisa oneminyaka engu-19 ubudala ngesikhathi ephaphama esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga uBrigadier Leonard Hlathi uthe owesilisa kanye nodadewabo babone isikhangiso enkundleni yezokuxhumana esifuna abantu abazi kahle izibalo.

Kuthiwa bebefuneka esikoleni esifundisa ezempilo eGoli, ngokwesitatimende sowesilisa.

OLUNYE UDABA: Kuzofundiswa abesifazane ngezindlela zokuzivikela 

Kuthiwa bathengelwa amathikithi ebhasi elizobathatha eKroonstad, eFree State, libabeke eGoli, ngenxa yokuthi babengenayo imali yokuzithengela.

''Kuthe uma sebeseGoli, balandwa eJohannesburg Park Station yimoto yohlobo lweBMW X6, emnyama, bayiswa endlini ethile nokuyilapho ‘bafica’ khona abesilisa nabesifazane abasebancane, abangu-24.

'Kuthe kungazelele bajovwa ngento abangayazi, badlwengulwa, bahlukunyezwa,” kusho uHlathi.

Ngesikhathi lona wesilisa ephaphama esibhedlela ngoLwesithathu, utshelwe ukuthi utholakale edindilize eceleni komgwaqo eBushbuckridge, eMpumalanga.

Kufonelwe ubabekazi wakhe othe yena ufonelwe udadewabo  wesisulu, omtshele ukuthi usebhanoyini eliya eLagos, eNigeria.

UMulaudzi uthe ngoLwesibili ibingekho imininingwane ebesebeyitholile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.