Owesilisa utholakale eseshonile ku-swimming pool oseMhlanga

2017-04-08 10:05

Durban – Owesilisa oneminyaka engu-25 ubudala ugwilizile washona ku-swimming pool osendaweni ehlala omntakabani eMhlanga Ridge, KwaZulu-Natal, ngoMgqibelo, kusho abosizo lokuqala.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe endaweni yesigameko ngabo-01:00 ezintatha, lapho kutholakale khona le ndoda isishonile, kusho okhulumela iNetcare 911, uChris Botha.

“Utholakale engasaphefumuli wabe esehlonzwa njengoshonile khona endaweni yesigameko,” kusho uBotha.

Lesi sigameko silandela esenzeke ngoLwesihlanu ekuseni eVirgin Active eseMoses Mabhida, lapho kugwilize khona owesilisa osekhulile ku-swimming pool wakule ndawo yokuzivocavoca.

Ngokomthombo weZindaba News24 isigameko senzeke ngezithuba zabo-05:30 ekuseni, le ndawo yavalwa yaze yavulwa ngezithuba zabo-09:00.

Lo mthombo uqhube ngokuthi amalungu azivocavoca kule ndawo athole imiqhafazo aziswa ukuthi indawo ivaliwe ngenxa yesehlakalo.

OLUNYE UDABA: Lishonile ikhehla eligwilize ku-swimming pool eVirgin Active eThekwini

Omunye wabasebenzi bakule ndawo kuthiwa ubebonakala ebusweni ukuthi isigameko simhlukumezile njengoba ebehlengezela izinyembezi, kungakhulumeki.

Okhulumela iVirgin Active, uLes Aupiais, ukuqinisekisile ukuthi kushone owesilisa oneminyaka ebalelwa kweko-70 ubudala kule ndawo.

"Abasebenzi babe sebephuthuma beyosiza kanye nabezimo eziphuthuymayo ababili oyedwa wabo ongudokotela wenhliziyo, abebesendaweni yokuzivocavoca ngesikhathi sesigameko, kusalindwe abosizo lokuqala kodwa ngeshwa abakwazanga ukumhlenga," kuqhuba u-Aupiais esitatimendeni.

Ikilabhu ibe isivalwa ngokushesha kwathintwa ilungu lomndeni kamufi.

Umphathi wakwaVirgin Active nabasebenzi badlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani bakamufi baveza nokuthi bazoweseka umndeni ngakho konke okudingayo kulesi sikhathi esinzima.

Uthe uma kunesidingo, umndeni uzokwelulekwa ngokomqondo.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.