Owesimame ugwaze wabulala owesilisa exabana nomkakhe

2017-08-06 16:52

eDutywa - Amaphoyisa aseDutywa abophe owesimame ngecala lokubulala owesilisa ngezintatha zangoMgqibelo.

“Kuthiwa umsolwa, 31, ube nengxabano nokosikazi kamufi,” kusho uKaputeni Jackson Manatha.

Umsolwa ufike emzini kamufi ezoxazulula izinto ehamba nomyeni wakhe kanti umufi ubelekelela ukuba babuyisane.

OLUNYE UDABA:Owesifazane ubhunyele umyeni ngamafutha abilayo ebusweni

“Umsolwa ubehlome ngommese kanti uvele wagwaza lo wesilisa washonela khona lapho. Lokhu kwenzeke phakathi kuka-00:00 no-01:00 endaweni yaseDoti eMangati, eDutywa.

Okwamanje akukaqondakali ukuthi lawa makhosikazi abebanga ini le eholele ekubulaweni kwalo mlisa.

Umsolwa uzogcinwa ezitokisini aze avele enkantolo kaMantshi eDutywa ngoMsombuluko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.