Owesimame ukhala ngokugula njalo ngomhlaka 15

2016-07-20 16:01

Johannesburg - Owesimame uthi sekuphele iminyaka eyishumi nanye egula njalo makushaya umhlaka 15, kubika iDaily Sun.

ULebo Mogano, 39, wasePhomolong eMamelodi uthi ugula isonto lonke kusukela ngomhlaka 15.

Le ntokazi ithi kuvele kube buhlungu umzimba wanke, ahluleke ukudla nokuhamba futhi uthi akasenalo ithemba lokuthi kubuye kulunge.

OLUNYE UDABA:Usadla anhlamvana umengameli ekwathiwa uyagula

"Ngibona kungcono ngiphuze ushevu ngife ngoba kudala ngihamba izangoma, ababhorofithi, odokotela, kanye nasemasontweni, kodwa esikhundleni sokuba ngiphole, ukugula kuqinisa kakhulu,"kusho yena.

ULebo uthi umama wakhe usephelelwe imali yokumsiza ngoba akukho angakuzamanga ukusindisa impilo yakhe.

Uthi wazama nokuyothwasa kodwa akukho akufundile futhi akukho nokushintshile. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.