Owesimame ushonele esibhedlela ngemuva kokulethwa abantu abasolisayo

2017-09-20 11:00

Cape Town - Umndeni wowesimame osebenza njenge-make-up artist uNtombozuko Peter acela umphakathi usize ngolwazi ngokushaywa kwakhe waze washone ngenxa yokulimala.

Udade wabo uNtomboxolo Peter, uthe le ntokazi eneminyaka engu-29 ubudala akazange esaphaphama ngemuva kokungeniswa esibhedlela iLivingstone Hospital ePort Elizabeth.

Kuthiwa le ntokazi ingeniswe esibhedlela ngoMgqibelo efakwa ngowesimame kanye nomunye wesilisa okuthiwa yisoka lakhe.

Umndeni wale ntokazi usola isoka lakhe ukuthi liyathinteka ekuhlaselweni kwakhe ngoba wake wamvulela icala lokushaya ngenyanga kaJuni, kodwa wabuye walihoxisa.

"Lo mlisa waya emsebenzini wakhe wafike wamshaya, wagcine esethathelwe izinyathelo zokuthi angaphinde abonakale kule ndawo kusho umqashi wakhe. uNtombozuko walihoxisa icala ayelivulile nokwasiphatha kabi kakhulu siwumndeni wakhe,"kusho udadewabo.

OLUNYE UDABA:Ifuna idivosi ethole ukuthi umkayo akasiyo intombi nto

Udadewabo uthi lesi sigameko sabaphatha kabi bewumndeni waze wagcine eseyohlala nalo leli soka endaweni wakwaMagxaki waqhelelana nomndeni.

Uthi wagcina ukubona udadewabo ngoLwesihlanu esaphila ngesikhathi eyomvakashela la ehlala khona.

Uthi wathuka kabi ezwa ngokuhlaselwa kwakhe, futhi wahlala naye esibhedlela akazange amshiye yize onesi bamtshele ukuthi ulimele kabi engqandweni.

Uthi onesi abazange bayikholwe indaba yalaba bantu abamlethile abafike esibhedlela babika ukuthi le ntokazi ihlaselwe yizigebengu ezimbambe inkunzi.

"Ubemabokoboko ebusweni nezingalo zilimele kabi, kodwa izimpahla zakhe bezihlanzekile,"kuqhubeka udadewabo, kubika Cape Times.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.