Owesimame usinde evinjezelwe yizinswelaboya zizenza amaphoyisa

2017-10-20 07:00

ePitoli - Owesimame usinde ezogetshengwa yizinswelaboya ezizenza amaphoyisa endaweni yaseSilverton, ePretoria, ngoLwesibili.

Ngokubika kwephephandaba iPretoria East Rekord uCynthia Tredoux, 69, ubehamba emgwaqeni uPretoria ngesikhathi ehlangatshezwa amadoda amabili ahamba ngemoto yohlobo lwe-VW engenazo izinombolo.

"Lawa madoda akhiphe omazisi abangekho emthethweni bezenza amaphoyisa, kodwa ngibazi kahle omazisi bamaphoyisa ukuthi banjani. Bangitshele ukuthi kunesivimbamgwaqo ngezansi," kushoyena.

Uthi omunye walawa madoda ukhulume ngazathi bathungatha abesimame ababili abadubule babulala abantu abane babaleka nemali engango-R387 000.

OLUNYE UDABA:Buka: Izigebengu azithathanga ngisho umzuzu ukweba imali konogada

“Bangitshele ukuthi omunye walaba besimame ubegqoke ibhulawuzi eliphephuli, kwasho ukuthi nami ngigqoke ibhulawuzi lalowo mbala," kuqhubeka yena.

UTredoux uthi uvele wawasola lawa madoda waqhubeka nohambo lwakhe wayongena endaweni edayisa izimoto.

Uthi usola sengathi lawa madoda kudala emlandela

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.