Owesimame uthi amaphoyisa amhlohle iminwe esithweni sangasese

2016-07-25 19:01

eHluhluwe - UFikile Gumede uthi ufonelwe omakhelwane esemsebenzi bemtshela ukuthi amaphoyisa adaxabula indodana yakhe ekhaya, kubika iLANGA.

Uthi ufike esethi ayahamba kodwa ajika ngesikhathi embona engena ngesango lakwakhe.

UGumede uthi ambuze ukuthi ziphi izidakamizwa kodwa uma ewatshela ukuthi akazi lutho ngazo amfaka evenini aya naye ehlathini.

OLUNYE UDABA:Akasindanga owesimame ehlaselwa izigebengu ziduna imoto yakhe

Uthi bafike bamubopha izandla bamboza ubuso. Lilodwa ebelimdaxabula ngepayipi lithi uzifake esithweni sangasese izidakamizwa.

 Uthe babuyele naye endlini amabili angina naye endlini amabili asala phandle. Sebesendlini, uthi elilodwa limtshele ukuthi akhumule bese ayaqojama ukuze zizophuma izidakamizwa.

“Asuke lapho athi ngilale ngomhlani embhedeni ngibheke phezulu ngivule imilenze sengathi ngiyateta. Elinye likhiphe izingilavu laqigqoka lase lishutheka iminwe esithweni sami sangasese,”kusho yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.