Owesimame 'wathunjwa yi-ex yamdlwengula iphindelela izinsuku zilandelana'

2017-01-25 14:32

Cape Town – Usakhungathekile emqondweni owesimame, 27, owathunjwa owayeyisoka lakhe izinsuku eziyisikhombisa.

Ngokusho kwakhe, leli soka uKudakwashe Antonye Mapwevo, 27, lamthatha lamvalela kubo kwaBulawayo lapho lalimdlwengulela khona liphindelela.

Iphephandaba iChronicle liveza ukuthi lokhu kwenzeka ngesonto lomhlaka-11 Januwari kuya kumhlaka-19 Januwari kulo nyaka.

“Kuthiwa leli soka laphahlaza umakhalekhukhwini wale ntombi, liyivalele endlini ngenkani nokuyilapho elaliyidlwengulela khona liphindelela,” kubika leli phephandaba.

OLUNYE UDABA:Kusolwa isoka ngephoyisa elibulewe eMgungundlovu

Kwesinye isigameko, ekuqaleni kwale nyanga iNews24 yabika ngowesilisa wakwaBulawayo obhekene namacala okudlwengula, ukuzama ukubulala kanye nokubika amanga emaphoyiseni.

Inkantolo isithole ukuthi lo wesilisa wadlwengula unkosikazi wakhe oneminyaka engu-19 ubudala ngaphambi kokuba amgwaze amanxeba amathathu ngomhlaka-5 kuJanuwari.

Ngemuva kokwenza lokhu, le ndoda yaphuthuma emaphoyiseni lapho eyabika khona ngokuhlaselwa komkayo yathi ugwazwe yizigebengu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.