OweSkeem Saam ukhuluma 'ngokufa' kwakhe isigubhukane

2016-07-11 16:02

Durban – Usekhulume ngokushona kwakhe ngokukhulu ukuzuma emdlalweni oyintandokazi iSkeem Saam, uNkokheli "Oros" Mampofu, odlala indawo kaJama kuwo.

Kushaqeke abaningi ngoLwesihlanu ngesikhathi lo mdlalo uthatha elinye ijika, kushona uJama kungazelele muntu.

UJama ushone esephathini egubha iminyaka engu-20 yokuzalwa.

OLUNYE UDABA: Konke ofuna ukukwazi ngeSkeem Saam

Ushone ngemuva kokuphuza ngokweqile, wagcina esexhelwa wumphalazo wakhe.

“Sengihlale nalo mdlalo iminyaka emibili nesigamu. Sekuyisikhathi sokuthi manje ngelule amaphiko ami. Abalandeli bami abangakhathazeki ngoba basazongibona kumabonakude,” kusho Mampofu.

Uthe ukufa kukaJama kuzoshiya abangani bakhe otakwini, kuthi abazali bakhe nentombi yakhe u-Ayanda basale benemibuzo engaphenduleki.

Thola udaba oluphelele kuSunday World.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.