OweSundowns ushade isinyenyela emakhaya umakhwapheni engazi

2017-10-22 13:32

eGoli - Umdlali waphambili kuMamelodi Sundowns uYannick Zakri uphakathi kwembokodo nesisekelo ngemuva kokuputshuka kodaba lomshado wakhe.

Lo mdlali odabuka kwelasi-Ivory Coast, kuthiwa uhambe eyovakasha ekhaya kanti uyobopha ifindo likasofa silahlane nomkhaya wakhe.

Kwenzeka lokhu ushiye intombi yakhe yakuleli incela isithupha njengoba ibingazi lutho ngezinhlelo zakhe zomshado.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Usethenjiswe umshado usaziwayo olingisa ku-Generations

UKhwezi Shengu oyintombi yalo mdlali ibicasuke igane unwabu ngemuva kokuzwa ngalezi zindaba yathatha ucingo yalugaxa esokeni efuna ukuzwa kulo ngalolu daba.

Ngokubuka kwephephandaba iSunday World libika kuthi le ntokazi ithe: “Uvele wangayinaka eyami wangitshela ukuthi ukhathazekile ngomama wakhe ogulayo. Esebuya, ungithole ngimlinde endlini yakhe, kodwa angikwazanga ukumbuza ngodaba lomshado ngoba sivele sazithokozisa njengezithandani kawaba mnandi,” kusho intombi.

Thola udaba oluphelele ku-Sunday World.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.