Bulawayo - ILungu lePhalamende le-Zanu-PF maphakathi naseKwekwe, uMasango Matambanadzo, litshele izwe ePhalamende ukuthi manje lenza uGrade 3 esikoleni futhi aligcinile lapho uyaqhubeka nemfundo.
UMtambanadzo kubikwa ukuthi wagcina kaGrade 2 esikoleni.
UMatamnbanadzo, ozisholo yena ukuthi wagcina kaGrade 2 esikoleni, umemezele lokhu ePhalamende ngoLwesibili ngesikhathi kuqhubeka izingxoxo zezimo zokusebenza eHwange Colliery, National Railways of Zimbabwe and Deta Refractories.
"Inhloso yami bekungukuthi ngikwazi ukukhuluma isiNgisi kanti futhi manje sengiyasazi.
OLUNYE UDABA:IZanu-PF ifuna ukugingqa izinkomo ezingu-150 kolokuzalwa kukaMugabe
"Amanye amalungu ePhalamende ake ambiza ngokuthi unguGrade 2, kodwa manje sengingawazisa ukuthi sengikaGrade 3. Ngiyaqhubeka nemfundo.
"Akengikhulume isiNgisi-ke manje," usho njalo ePhalamende.
"Sekube nezinkulumo eziningi mayelana nemfundo yami, engithanda ukukusho njengamanje ukuthi sengiyisifundiswa," esho.
- Bulawayo24
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter