OwezeMfundo eKZN uphawule ngolwezinwele esikoleni esikwaNongoma

2017-07-29 08:38

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ubhekane ngqo nothishanhloko wesikole esikwaNongoma, osolwa ngokugundisa ngenkani abafundi abakhonza ebandleni lamaNazaretha, kwaShembe.

Lokhu kuza ngemuva kwezikhalazo zabanye abazali abanezingane ezifunda esikoleni iLayikona Primary.

OLUNYE UDABA:Baphawula ngokuxoshwa kwabafundi bakwaShembe esikoleni

UKwazi Mthethwa woMnyango uthe umgomo wesikole awukwazi ukubandlulula izinkolo namasiko.

"Ukuvimbela noma yimuphi umfundi imfundo akuhambisani noMthethosisekelo wezwe. Sizoxhumana nesifunda ukuqinisekisa ukuthi abafundi babuyelile emakilasini futhi bayafunda," usho njalo. 

Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka owedlule izikole ezimbili KwaZulu-Natal zamisa abafundi abahlanu kulandela ukunqaba ukugunda izinwele ngoba bekhonza kwaShembe.

La bafana babefunda eZinhlabeni naseZibukweni High School, kanti bafaka isikhalazo kwiCommission for the Promotion and Protection of the Rights of Cultural‚ Religious and Linguistic Communities (CRL).

Okhulumela le khomishana, uMpiyakhe Mkholo, ngaleso sikhathi wathi abazali bala bafana yibo ababikela i-CRL ngalolu daba.

 - Newswatch


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.