Owezemidlalo usedlulise awenduduzo emndenini kaJoost

2017-02-06 19:29

Cape Town - UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula usedlulise amazwi enduduzo emndenini kalowo owayengumdlali webhola lombhoxo uJoost van der Westhuizen, odlule emhlabeni ngoMsombuluko kulandela ukuxinwa yisifo iMotor Neuron Disease.

"Ukudlula kwaJoost kuyisahluko esibuhlungi emlandweni wezemidlalo eNingizimu Afrika," kusho uMbalula esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: Akasekho emhlabeni uJoost Van der Westhuizen

"UJoost udlale indima enkulu eqenjini lesizwe lebhola lombhoxo.

"INingizimu Afrika ilahlekelwe kakhulu. Sithi alwehlanga lungehli emndenini wakhe nakubangani bakhe kanye nabo bonke abezemidlalo."

UVan der Westhuizen uphuthunyiswe esibhedlela esesimeni esibucayi ngoMgqibelo, kuqinisekisa i-J9 Foundation.

Yize ekade etshengisa izimpawu zokuthi uyababona abantu abebemzungezile, kugcine kumenele ngoMsombuluko ntambama.

Isikhulu esiphezulu samaBlue Bulls uBarend van Graan nguye oqinisekise ukudlula emhlabeni kukaVan der Westhuizen wase edlulisa amazwi enduduzo ezinganeni zakhe, umndeni nabangani.

“Uma kukhona into eyodwa esingayifunda kuJoost, indlela abeyithanda ngayo impilo. Asisoze sakulibala lokho ngaye.”

UVan der Westhuizen, okwatholakala ukuthi unalokhu kugula ngo-2011, wadlala amaTest angu-89 edlalela amaSpringbok phakathi kuka-1993 no-2003.

Udlula emhlabeni nje, uMengameli Jacob Zuma ubesanda kukhipha isitatimende enxusa ukuthi abantu bakuleli bakhulekele le nkakha ukuba ilulame ngokushesha.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.