OwoKhozi ushade ngasese engawatshelanga amanye amakhosikazi akhe

2016-11-12 11:00

Durban - Ziningi izingqinamba ezimi phambi komsakazi woKhozi FM uNgizwe kanye nomkakhe uNqobile "Floda" Mthimkhulu,21.

Mhlawumbe yizo lezi zingqamba ezenze lomsakazi wabopha elikasofa silahlane nalentokazi ngasese wangawamema amakhosikazi akhe amabili.

UNgizwe uthathe lentokazi ngomshado weSintu obubanjelwa kwaMashu emasontweni amabili adlule, kubika iTimeslive.

Kuthiwa lapha bekushaywa izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngoba futhi bekubongwa nokuphumelela kokuthwasa kukaFloda.

OLUNYE UDABA:Ucishe waphenduka “iphara” umsakazi woKhozi eMelika

Ngesikhathi abephephabhuku iDrum bexhumana nonkosikazi kaNgizwe wesibili uLindiwe Khuzwayo, uwaqinisekisile awokuthi akazange asithole isimemo salo mshado.

"Mhlawumbe bengizoya kodwa angimenywanga futhi bengingazi nokuthi kuhlelwa umshado wesintu,"kusho yena.

Unkosikazi kaNgizwe wokuqala uSiphelele Nxumalo yena akatholakalanga ocingweni kodwa owesimame phendulile uthe abazi lutho ngomshado wesintu, uNgizwe akazange amtshele umkakhe.

UNgizwe akapholisanga maseko ukuphendula ngalawa mahlebezi.

"Amakhosikazi ami ayazi ukuthi ngishadelwe uFloda ngakhoke angidingi ukuwatshela yonke into engiyenzayo. Lona bekungumcimbi okhethekeli kaFloda okubalulekile wukuthi uma ngibatshela ukuthi benze into kumele bangihloniphe,"kusho yena.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.