OwoZalo ushaya phansi ngonyawo ngabefundisi mbumbulu

2016-07-22 14:33

Johannesburg - "Ungaboyivumela indoda ikwenzise into ongahambisani nayo".

Lokhu kushiwo ngumlingisi uNelisa Mchunu odlala indawo yokuba ngumakhwapheni womfundisi uNkosi, uFikile ku-Zalo olutshetshengisa ku-SABC1.

Lo mlingisi waseNanda ngokuzalwa eduzane naseThekwini uxwayise amantombazane asemancane ngokuthi abagweme abefundisi mbumbulu uma ezazi ukthi afunani empulweni.

OLUNYE UDABA: Usedayisa ngezikhwama owaduma kuZalo

UNelisa, 24, utshele iphephandaba iDaily Sun ukuthi kuyashaqisa ukuthi abefundisi bamanje bazibandakanya ocansini namantombazane amancane.

"Kubuhlungu ngoba labefundisi mbumbulu basebenzisa ibhayibheli ukuheha amantombazane.

"Njengentombazane esakhula, kubalulekile ukuthi uzazi, uhlale okholweni lwakho.

"Akufanele uvumele indoda, noma ngabe inasiphi isikhundla, ukwenzise into ongavum,elani nayo," kusho uNelisa.

Indawo edlalwa ngiNelisa ngekaFikile othandana noNkosi, nakuba enosathane.

Kulo mdlalo uphinde asebenze endaweni yokuchwala izinwele kanye noGC noThobile.

UNelisa ebuzwa ngozakwabo uthe: "unenhlanhla yokusebenza nabantu abakhuthazanayo futhi abakusizayo.

"Kulula ukusebenza nabo."

UNelisa wake wavela kwiSidingo ku-SABC3 ngo-2014.




NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.