Oxoshiwe uthi kuyamjabulisa ukuthi ukewasebenza oKhozini

2016-07-08 08:33

Johannesburg - Umsakazi wodumo emsakazweni uKhozi FM, uChilli M, kuthiwa ulivumile icala lakhe wathi yisimo semali esimenze wephula umthetho, umbiko.

Lo msakazi uxoshwe ngemuva kwezinsolo zokugwazisela abaculi ukuze kudlalwe izingoma zabo emsakazweni.

Ngokweqembu labaculi iStreet Boys, lo msakazi wabakhokhisa u-R7 500 ukuze kudlalwe izingoma zabo emsakazweni.

Imithombo, ngokombiko weDaily Sun, ithi uChilli M, obeshayela uhlelo iNethezeka phakathi kuka-12:00 emini kuya ku-03:00 ntambama phakathi nesonto, uvumile ukuthi wakwenza lokho.

Funda nalolu daba: Ugcine exoshiwe umsakazi woKhozi

Lo msakazi kuthiwa utshele iDaily Sun ukuthi wayekuqonda kahle ukuthi akwenzayo kuphambene nomthetho, ngakho akasoli muntu.

“Zonke izinkampani zinemigomo yakhona. Ngenza okuphambene nemigomo yeSABC, ngajeziswa. Ngalingeka ngenxa yokuthi ngalahlekelwa yindodakazi yami futhi nganginezinkinga zezimali. Angifuni ukuzwelwa,” usho kanje.

“Ngilahlekelwe umsebenzi kodwa kuyangijabulisa ukuthi ngike ngasebenza emsakazweni omkhulukazi ezweni.”

 "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.