Oyikholwa uvume izono zamkhalela

2017-11-06 18:01

Johannesburg - Kuvuke ukukholwa esisebenzini sikaMasipala waseJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal sasheshe saziceba, savuma amacala aso emuva kokuba izikhulu zalo masipala zisole ukuthi kunezisebenzi ezingaphezu kwama-50 eziyizipoki.

NgoLwesine, uNkz Nomfundo Mthembu, 32, obevele eNkantolo yamaCala ezeMali yaseThekwini ngoLwesine ngezinsolo zokukhwabanisa imali engaphezulu kuka-R252 000, kuthiwa usheshe wazivumela ukuthi kulezi zipoki ezingaphezulu kwama-50, yena ubeneziyisi-6.

Imithombo yeLANGA engaphakathi kulo masipala, ithi uNkz Mthembu obesebenza njenge-payroll officer, wenze amaholo ali-101, eholela izihlobo zakhe agcine evele nazo enkantolo.

Phakathi kwezipoki zakhe abevele nazo enkantolo, nguNkz Londeka Ndlovu, 20, uMnu Sibusiso Dlomo, 22, uMnu Lungani Dlomo, 30, uMnu Thubelihle Dlomo, 18, noMnu Siphamandla Dlomo, 20.

"Kulindeleke ukuthi kube nguyena ozocula asho ukuthi ngobani abesebenzisana nabo njengoba esheshe wazivumela awakhe amacala. Lokhu kusewukuqala nje kwaleli cala njengoba kusazoshuba kulo masipala. Kulindeleke ukuba kuboshwe abanye maduze kanti ibalelwa ezigidini imali abayiqolile," kusho umthombo.

Omunye umthombo uthe uNkz Mthembu uyikholwa elaziwayo okusolwa khona njengokuholele ekutheni asheshe avume izono zakhe. IMenenja kaMasipala waseJozini, uMnu Kuhlekonke Khumalo, ivumule ukuthi laba baboshiwe yathi okwamanje sinye isisebenzi sikamasipala esisaboshiwe.

"Noma lokhu kwenzeke mina ngingakafiki kodwa usemunye oboshiwe njengoba uphenyo lusaqalwa. Esikwaziyo wukuthi ukhona omunye ozovela enkantolo namhlanje ngoMsombuluko," kusho yena.

OLUNYE UDABA: Izakhamuzi zijabulele ukushona kowesilisa endaweni

Uthi izisebenzi zalo masipala kumele zifunde ngalesi sigameko ukuthi ngeke bayibekezelele inkohlakalo.

"Sibafundisile ngendlela yokuziphatha uma usebenzela uhulumeni nokuthi kumele ugqoke, ukhulume uphinde uziphathe kanjani uma usebenzela umphakathi. Abenza inkohlakalo bazophelela ejele," kusho yena.

Imeya yalo masipala, uMnu Delani Mabika, ithe yibona njengomasipala ababize uphiko loKlebe ukuba lungenelele ngoba bebona ukuthi uphenyo luzothatha isikhathi uma befuna abantu abasazoqale bacwaninge amabhuku baphinde bafune nemali eningi.

"Njengamanje sinye isisebenzi esisaphumele obala ngezipoki zaso ebesezihole imali engango-R252 000. Kasazi ukuthi lezi ezinye ziholelwe imali engakanani, esikwaziyo nje wukuthi bakhona abanye abasazoboshwa njengoba leli cala lisesephansi kakhulu. Kulabo abanezandla ezingcolile, ingalo yomthetho izogcina ifinyelelile kubona. Labo abanezandla ezihlanzekile, mabazigcine bemsulwa kanjalo nje," kusho uMnu Mbika. Uthi izisebenzi zalo masipala kumele zazi ukuthi inkohlakalo kayibuyiseli futhi bazimisele ngokulwa nayo.

"Yisona sifungo esisenzile njengomasipala ukuthi inkohlakalo ngeke siyimele,” kusho yena.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uCapt Simphiwe Mhlongo, uthe laba bakhishwe ngebheyili kanti bazobuyela enkanto mhla ziyisihlanu kuZibandlela (Disemba).

"UMthembu usolwa ngokuholela izipoki eziyizihlobo zakhe kusukela ngoNdasa wangonyaka odlule kuze kuya wuMasingana nonyaka. Uphenyo lusaqhubeka ngaleli cala kanti kulindeleke ukuba kuboshwe abanye maduze," kusho uCapt Mhlongo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.