Ozibiza ngoJesu utshele amaphoyisa ukuthi ubegwaza uSathane

2016-07-25 12:31

Colorado - Indoda eboshelwe icala lokuhlukumeza kuladnela izinsolo zokugwaza enye indoda emgwaqeni ithi ingujesu kanti isisulu singusathane, kusho amaphoyisa aseColorado.

Amaphoyisa aseColorado athe isigameko sokugwaza senzeke ngezithuba zabo-13:00 ngoLwesithathu esitolo iKwik Sto esiku-East Platte Avenue eduzane naku-Institute Street.

OLUNYE UDABA: Ingwe ibulale owesifazane yalimaza kabi omunye

Ofakazi bathi umsolwa ubambe isisulu emqaleni ngaphambi kokusigwaza kanye. Isisulu esisale sopha kulandela ukuhlaselwa sisizwe ngumsamariya olungileyo kwaze kwafika amaphoyisa endaweni yesigameko.

Umsolwa utshele amaphoyisa ukuthi unguJesu kanti ugwaze isisulu ngoba singuSathane. Isisulu siphuthunyiswe esibhedlea la esilashwa khona kanti kuthiwa sisesimeni esibucayi.

Izakhamuzi zithe le ndawo iyingozi njengoba abantu abaningi abaphazamiseke ngokwengqondo begcwele imigwaqo, kubika iwwww.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.