Ozulelwa ngamanqe kwesokuba yiMeya ucele uMalema azobona umsebenzi asewenzile

2018-03-14 12:30

Port Elizabeth - Njengoba umsebenzi wakhe wokuba yiMeya usengcupheni, u-Athol Trollip usememe uJulius Malema ukuba avakashele eNelson Mandela Bay‚ emizameni yokuguqula i-EFF ezinhlelweni zayo zokumkhipha esikhundleni.

“Khombisa abantu bethu ukuthi ngempela uyaziqonda izinkinga zabo futhi uyazikhathalela, uphinde uzizwele kubona ukuthi bafuna i-ANC ibuye yini ukuzohola uhulumeni kuleli dolobha labo.”

Lesi yisicelo uTrollip asenze ngoLwesibili encwadini engamakhasi amathathu ayibhalele uMalema.

OLUNYE UDABA: Ushonile umfana, 13, owelwe yinqola ebilayishe inyama yakwa-KFC

Kuyona uzwakalise ukumhlonipha kakhulu umholi we-EFF ngokulwela ukuzimela kwenhlangano yakhe nangokufuna ukuba i-ANC ijeziswe ngezindlela zayo zenkohlakalo.

Uthe abantu bayawethemba uhulumeni wobambisano oholwa yi-DA kuleli dobha kanye namakhansela ayisithupha e-EFF.

Okhulumela i-EFF uMbuyiseni Ndlozi akazange aphawule ecelwa ukuba aphendule ngencwadi abayibhalelwe uTrollip kanti noNobhala Jikelele we-EFF uGodrich Gardee akatholakalanga.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.