Pitso: Sihlulekile ukudlala ibhola

2017-02-15 12:31

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, akazange alokhu eshona le nale njengoba ephumele obala wagxeka ezakhe ngemuva kokuthi zibanjwe ngqi yiChippa United ngo-1-1 ngoLwesibili kusihlwa.

EzikaMosimane yizona ezibhakuzise kuqala inethi ngomzuzu ka-19 ngegoli likaWayne Arendse.

Kodwa-ke akuphelanga sikhathi esingakanani njengoba amaChilli Boys ephendule ngaphambi kokuba kuyiwe ekhefini kulandela ukuthi uRhulani Manzini evalele phakathi iphenathi ngemuva kwezinsolo zokuthi u-Arendse udlalise kabi uBuyani Sali obezama ukukhahlela.

OLUNYE UDABA: Yonke imidlalo yePSL ngoLwesibili noLwesithathu

Amaqembu womabili ahluleke ancama ukubhakuzisa inethi ngesiwombe sesibili.

“Womabili amaqembu abe namathuba, kodwa, ngaphansi kwezimo, sizothatha iphuzu ngoba [sihlulekile] ukudlala ibhola,” uMosimane ucashunwe kanjalo yiKickOff.com.

Lo mqeqeshi ukhale kakhulu ngohlobo lwebhola obeludlalwa amaqembu womabili noludle ngokuhambisa ibhola emoyeni.

“Lelo akusilona ibhola. Lokho akukuhle kuChippa, akukho kuhle kuSundowns; asidlali ibhola lamaphesenti."

Njengamanje iSundowns isizogxila ku-CAF Super Cup nalapho izobhekana nompetha be-CAF Confederation Cup, iTZ Mazembe, ngoMgqibelo, ngomhlaka-18 kuFebhuwari.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:00 kusihlwa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.