INGOSI: Qala ngokukhokhela imfundo yezingane ngaphambi kokudla ukotini

2016-11-22 14:31

Durban - Usuzophela unyaka, abantu sebazohlukanisa izitokfela kanti namabhonasi asendleleni, kodwa phambi kokujabula ngokweqile, cabanga ngezinto ezibalulekile.

UKUKHOKHELA IMFUNDO: Yize zingakavalwa izikole, kodwa usunalo ulwazi lokuthi yini ezodingeka ngonyaka ozayo. Abantu abayeke ukulinda umzuzu wokugcina ukuze balungiselele isikole. Khokha imali yokufunda, uthenge wonke umfaniswano wesikole odingekayo, uthenge futhi nezincwadi kanye nokunye okuzodingeka.

Uma ingane yakho ifunda kude nasekhaya, xhumana nomalume othutha izingane usheshe umlungisele izishaqane zakhe kusekuhle bese ugcina zonke iziliphu njengobufakazi bokuthi usukhokhile.

Iyacika le nto yokuthi abazali bajahe ukuthengela izingane izampahla zikanokusho, amateku kanye nokunye okubizayo kodwa uma sekuzovulwa izikole useyaqala bagijimisa abantu bafuna ukuboleka imali. Hlelela ikusasa lengane yakho kusekuhle.

Uma wazi ukuthi ingane yakho ayibambi kalula esikoleni, cinga izikhungo ezilekelela izingane ngezifundo zayo bese ukhokha lokhu okufunekayo ukuze uzokwazi ukuthi ikusasa layo ulihlelele ngendlela efanele.

NGAPHEZU KWEMFUNDO zikhona ezinye izinto ongazikhokhela ngaphambi kwesikhathi ukuze wehlise izindleko zakho zonyaka ozayo. Abanye abantu bakhokhela izinto ezifana ne-DSTV ngemali yamabhonasi bakhokhele unyaka wonke. Usuyazi uma kuqala unyaka awubi nayo inkinga yokukhokha uma kuqhamuka izindleko ezingalindelekile.

IZIKWELETU: Uma wazi ukuthi uzothola imadlana engeziwe kodwa ubungakayihleleli, vala amakhadi asezitolo. Ayikho into eyisicefe njengokulandelwa abakwa-Edgars befuna u-R250 wento owayigqoka yaze yaguga.

SHIYA PHANSI indaba yokubukwa, yebo kumnandi uma unemali, uyasho noDr Malinga ukuthi akulaleli uma unemali, kodwa uboqaphela ukujabula kuze kweqe ujabulisa nabantu abangenandaba nawe.

YENZA IBHAJETHI yakho konke ozobe ukwenza ngamaholidi, lokhu kuhlanganisa ezokungcebeleka. Yebo, ifake imali ozoyisebenzisela ukuthenga utshwala, izimpahla zokugqoka, ukudla ezitolo kanye nokukhipha izingane. Iba neqiniso ngendlela ozoyaba ngayo imali ukuze ungathuki uma izibalo zingasahlangani kahle.

BEKA IMALI uma ubona ukuthi iningi kakhulu imali futhi awazi ukuthi uyenzenjani, ifake kwi-32 days account lapho uzothola khona nenzuzo ube usacabanga ngokuthi uzoyisebenzisa kanjani.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.