QAPHELA: Imigulukudu ezenza izisebenzi zakwaMasipala - eGoli

2016-11-03 19:31

Johannesburg - Kuneqoqo lemigulukudu elizenza izisebenzi zophiko lweCity Power ngenhloso yokugebenga izakhamuzi zaseGoli.

Umasipala uthi kunamadoda amathathu ahamba agqoke imifaniswano yeCity Power atshela izakhamuzi ukuthi abawokhokhelile ugesi, basho lokhu nakubantu abanogesi wekhadi.

Bafika kule mizi sebesabisa ngokuwuvala ugesi uma izakhamuzi zinqaba ukukhokha ngaleso sikhathi.

Abe-City Power baxwayisa umphakathi ukuba ungakhokheli muntu imali esandleni ngesikweletu sikagesi.

OLUNYE UDABA:Ushaye ungqimphothe umasipala ngokuthenga imoto ya-R1.5m yemeya

Kumele abantu bakhokhe ezikhungweni lapho kukhokhona noma emahhovisi ezogesi.

UMasipala usebenzisana namaphoyisa ukunqanda izigebengu eziqola izakhamuzi, okwamanje angu-851 amacala avuliwe emaphoyiseni ahambisana nokwebiwa kwamakhebula, ukulinyazwa kwempahla okubalwa kuyo ama-meter kanye nezinye izinsiza zogesi.

Balinganiselwa ku-782 abantu ababoshiwe ngalokhu kanti bangu-274 abagwetshiwe.

"Amakhasimende acetshiswa ngokuthi awahlolisise kahle amakhadi ezisebenzi ezithi zibuya kumnyango kaGesi ngaphambi kokuba babangenise emzini yabo."

Bonke abasebenza ngogesi banamakhadi omsebenzi okumele bawaphathe ngaso sonke isikhathi kanti wonke lamakhadi abhaliwe usuku lokupheliswa kokusebenza kwawo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.