#RIPLundi: "Bhuti Tshepo nayi into engidlayo, nayi into edla imali yami"

2017-01-31 19:30

Durban - UTshepo Nzimande uthi sasingelula isiqalo sabo ukusebenzisana noLundi ngoba bambalwa abantu abebefuna ukusebenzisana naye.

Uthi abantu abafana noSizwe Zakwe, Deborah Frazer, Vuyo Mokoena, Rebeca Malope kanye nabanye abaculi nabaphathi bezinkampani eziqopha umculo ababesebenzisana naye.

"Ngesikhathi sirekhona uMphefumulo wami, ngangazi ukuthi le ngoma iyona ezoshintsha izinto eziningi. Ngangilala emotweni ngiphusha le-albhamu ngoba.

"Le albhamu yakhe yokuqala sayikhipha ngo-Okthoba kodwa kwashaya uDisemba sesiphethe iGolide."

UNzimande uthi uLundi wayekhalisa abantu uma engena esitudiyo, yize wayenominethwa ngapha nangapha, eyinyama.

OLUNYE UDABA:"Ulwile uLundi kodwa kwamnqoba ukufa"

 Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uTshepo ibe bonke abantu abake basebenza noLundi selokhu angena kule mboni.

"Ngifuna ukubonisa izwe lonke ukuthi uma sithuthukisa abaculi nansi imindeni esiyondlayo, naba abantu abazuzayo.

"Ngifuna futhi nalabo abathanda ukukhuluma nokubhala kabi ngabaculi babone ukuthi mingakhi imindeni ephelelwa isinkwa ngenxa yezinto enizishoyo,"kusho yena.

UNzimande uqhubeke wathi ungumuntu wokuqala uLundi ayefika kuyena uma esewele esilingweni.

"Eqala ukudla izidakamizwa, wangishayela ucingo ekuseni ngo-2 engicela ukuba ngifike ekuseni. Ngathi ngifika wanginikeza ipheshana wathi bhuti Tshepo, nayi into engidlayo, nayi into eqeda imali yami."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.