#RIPLundi: 'Ngiyalwa dadewethu kodwa uma kuvuma iNkosi akukho engingakwenza'

2017-01-31 16:04

Durban - Iyaqhubeka eGrace Bible Church inkonzo yesikhumbuzo yomculi wowokholo uLundi Tyamara eGoli.

Umzala kaLundi ephelezela umfowabo kalomculi uSiyabonga, ugibele esiteji emele abomnendeni ezokhuluma ngomzala wakhe.

Lo mzala uthe egcina ukubonana noLundi esibhedlela wamcela ukuba alwe nalokhu kugula angakuvumeli ukufa kumnqobe.

Uthi uLundi wamphendula ngokuthi nakanjani uyalwa futhi uyaqinisela kodwa uma kuyintando kaNkulunkulu, akukho angakwenza ngaphandle kokuthi avume.”

Lo mzala uthi uLundi uyiphilile impilo yakhe ngokuphelele, ukwenze konke abefika ukukwenza.

“ULundi ubephila impilo yakhe ngendlela yakhe, ubengenzi futhi engasho izinto ezijabulisa abantu kodwa ubenza lokhu akuthandayo. ULundi ubesho lokhu afuna ukukusho noma ngabe kunjani.”

OLUNYE UDABA:UMboro ufuna ukukhipha uLundi esibhedlela sikahulumeni - Umbiko

Ube esebonga kakhulu nakubalandeli, nabanye abaculi abebefika ngobuningi babo ukuzobona uLundi esibhedlela.

Ubuye wabonga noTshepo Nzimande owayengumphathi kaLundi ngokubeseka kule ndlela enzima abayihambayo.

“Ubhuti Tshepo ubengumphathi kaLundi thina simazi ngomzala, kodwa ngisho sibhekene nalobu bunzima, ubunathi usivakashela emndenini useseka.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.